Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe. Nguye ebengisho ngaye ukuthi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. Nami bengingamazi, kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi. UJohane wafakaza wathi: “Ngabona uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele. Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu. Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe; Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu!
Funda Johane 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 1:29-36
7 Days
When we celebrate Easter, we celebrate the greatest triumph in history. Through Jesus’ death and resurrection, He forever defeated the power of sin and the grave, and all their resulting side effects, and He chose to share that victory with us. This Easter week, let’s dive into some of the strongholds He conquered, reflect on the fight He fought for us, and praise Him as our Banner of Victory.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo