Kwabase-Efesu 4:4-8

Kwabase-Efesu 4:4-8 ZULUNT

Munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo, munye uNkulunkulu, noYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, okini nonke. Kodwa yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. Ngakho uthi: Esenyukele phezulu, wathumba abathunjwa, wapha abantu izipho.