Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu; wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe. Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Wasesithi: Ungubani, Nkosi? INkosi yasisithi: Mina nginguJesu omzingelayo; Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze. Lamadoda ayehamba laye ayemi engelakukhuluma, ezwa ilizwi, kodwa engaboni muntu. USawuli wasesukuma emhlabathini; esevulile amehlo akhe, akabonanga muntu, kepha bamhola ngesandla, bamyisa eDamaseku. Waba yizinsuku ezintathu engaboni, engadli, engaphuzi.
Funda IzEnzo 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 9:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo