Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.” Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.” Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.
Funda IzEnzo 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 9:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo