2 kwabaseKorinte 6:14-16

2 kwabaseKorinte 6:14-16 ZULUNT

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo; ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunakuhlanganyela kuni ukukhanya nobumnyama na? UKristu unakuvumelana kuni noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.