2 kwabaseKorinte 6:14-16

2 kwabaseKorinte 6:14-16 ZUL59

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”