Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo; Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni, ukuhlakanipha okufihliweyo, uNkulunkulu akumisa kungakabi khona umhlaba kube yinkazimulo yethu; Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni. Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.
Funda 1 kwabaseKorinte 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 2:6-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo