Uthando alusoze lwaphela; noma kukhona izilimi, ziyakunqamuka; noma kukhona ukwazi, kuyakunyamalala. Ngokuba siyazi inxenye, siprofetha inxenye. Kepha nxa kufika okupheleleyo, okuyinxenye kuyakuqedwa. Lapho ngisengumntwana, ngakhuluma okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindla okomntwana; Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa. Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kodwa okukhulu kukho konke uthando.
Funda 1 kwabaseKorinte 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 13:8-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo