Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka. Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye. Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka. Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana. Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele. Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
Funda 1 kwabaseKorinte 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 13:8-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo