UZefaniya 2

2
Isizwe Siyanxuswa Ukuba Siphenduke
1Qoqanani, nihlangane ndawonye,
sizwe esingenamahloni,
2singakaphumi isinqumo,
lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba,
lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade,
lungakafiki phezu kwenu
usuku lolaka lukaSimakade.
3Funani uSimakade nina nonke
enithobekileyo bomhlaba,
nina enenze izehlulelo zakhe,
funani ukulunga,
nifune ukuthobeka,
mhlawumbe niyakukhoseliswa
ngosuku lolaka lukaSimakade.
Ukubhujiswa Kwezizwe Ezakhelene No-Israyeli
4Impela iGaza liyakusala dengwane,
i-Ashikeloni libe ngamanxiwa,
i-Ashidodi balixoshe emini kwabha,
kuthi i-Ekhroni lisishulwe.
5Maye, kwabakhileyo ngasogwini lolwandle,
sizwe samaKherithe!
Izwi likaSimakade limelene nawe, Khanani,
lizwe lamaFilisti.
“Ngiyakukubhubhisa kungahlali muntu.”
6Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo,
amadlangala abelusi, nezibaya zezimvu.
7Ugu luyakuba ngolwensali
yabendlu yakwaJuda,
yeluse kulo.
Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa,
ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela,
aguqule ukuthunjwa kwayo.
8“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi,
namazwi ayiziswana abakwa-Amoni
abathuke ngawo abantu bami,
bazandisele imingcele ezweni labo.
9Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,”
kusho uSimakade Wamabandla,
uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:
“Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma,
abantu bakwa-Amoni bafane neGomora,
izwe lembabazane nemigodi kasawoti
nencithakalo yaphakade.
Insali yabantu bami iyakubaphanga,
nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
10Yilokho okuyakuba ngokwabo
esikhundleni seqholo labo,
ngokuba bathuke inhlamba,
basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.
11USimakade uyakwesabeka kubo,
ngokuba uyakushabalalisa
bonke onkulunkulu bomhlaba.
Bayakukhuleka kuye,
kube yilowo nalowo esendaweni yakhe,
kuzo zonke iziqhingi zezizwe.
12“Nani futhi maKhushe,
niyakubulawa ngenkemba yami.”
13Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho,
abhubhise i-Asiriya,
iNineve alenze libe yincithakalo,
lome njengehlane.
14Imihlambi iyakubuthisa kulo,
zonke izilwane zesizwe,
isikhova nonoxhongo kuhlale
ezihlokweni zezinsika zalo ebusuku.
Umsindo wokukhala kwenyoni
uyakuzwakala efasiteleni,
imfucumfucu ibe sembundwini,
ngokuba imishayo yomsederi uyakuyibeka obala.
15Yiwo lo muzi owawujabulile,
uhlala uvikelekile,
uthi enhliziyweni yawo:
“Yimina, mina ngedwa,
akekho omunye!”
Maye, ngokuphenduka kwawo
ube yincithakalo
nendawo yokubuthisa izilwane!
Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa,
banikine amakhanda.

Okuqokiwe okwamanje:

UZefaniya 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume