UZakhariya 2

2
Umbono Wesithathu: Indoda Ephethe Intambo Yokulinganisa
1Ngabheka, ngabona indoda iphethe esandleni intambo yokulinganisa. 2Ngayibuza ngathi: “Uyakuphi na?”
Yathi kimi: “Ngiyakolinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, nokuthi bungakanani ubude balo.”
3Ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma-ke, kwathi enye ingelosi yeza ukuyihlangabeza. 4Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo. 5‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.
6“Maye! Maye, balekani enyakatho!” kusho uSimakade, “ngokuba nginihlakaze njengemimoya emine yezulu,” kusho uSimakade.
7“Maye, phulukundlela, uye eZiyoni, wena ohlala nendodakazi yaseBhabhele!”
8Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe. 9Niyabona-ke, impela ngiyakuphakamisa isandla sami phezu kwabo ngimelane nabo, bayakuba yimpango yezigqila zabo, niyokwazi ukuthi ungithumile uSimakade Wamabandla. 10“Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” kusho uSimakade.
11“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe. 12USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema. 13Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”

Okuqokiwe okwamanje:

UZakhariya 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo