UZakhariya 14

14
Usuku LukaSimakade
1Uyabona-ke, usuku lukaSimakade luyeza, lapho impango ethathwe kuwe iyakwehlukaniswa khona lapha kuwe.
2Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.
3USimakade uyakuphuma alwe nezizwe, kube njengosuku lwakhe lokulwa mhla impi ibambene. 4Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu. 5Niyobalekela emhosheni wezintaba zami, ngokuba umhosha wezintaba uyofinyelela e-Azali. Niyobaleka njengoba nanibalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda. USimakade uNkulunkulu wami uyakufika nabo bonke abangcwele kanye nawe.
6Kuyakuthi ngalolo lusuku kungabi bikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kushabalale. 7Kuyakuba usuku oluyisimanga, olwaziwa nguSimakade, kungabi yimini kungabi wubusuku, kodwa kuthi sekuyisikhathi sokuhlwa kube kusakhanya bha.
8Ngalolo lusuku kuyakugobhoza amanzi okuphila eJerusalema. Ingxenye yawo iyogelezela olwandle ngasempumalanga, enye ingxenye yawo igelezele olwandle ngasentshonalanga, ubusika nehlobo.
9USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.
10Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi. 11Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusaba bikho mbubhiso. IJerusalema liyakuhlala livikelekile.
12Lokhu kuyakuba ubhubhane uSimakade ayakushaya ngalo izizwe ezaphaka impi zalwa neJerusalema: inyama yabo iyobola bemi ngezinyawo zabo; amehlo abo abole ezikhoxeni zawo, nolimi lwabo lubolele emlonyeni wabo.
13Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona kubo isiphithiphithi esikhulu esivela kuSimakade. Bayakugxavulana bodwa, umakhelwane abeke isandla umakhelwane wakhe. 14UJuda naye uyakulwa eJerusalema, kuqoqwe impango yomcebo wezizwe zonke macala wonke, igolide, isiliva nezingubo kube yinqwaba enkulu. 15Kanjalo ubhubhane luyakufikela amahhashi, iminyuzi, amakameli, izimbongolo, nayo yonke imfuyo esezinkanjini, njengalolo bhubhane.
16Kuyakuthi bonke abasalayo ezizweni zonke mhla zigasela eJerusalema bakhuphuke njalo unyaka nonyaka bayokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, futhi bagubhe uMkhosi Wamadokodo. 17Abangayukukhuphuka emindenini yomhlaba baye eJerusalema ukuyokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, abayukuba namvula. 18Uma umndeni waseGibhithe ungayukukhuphuka kulokho kukhuphuka, ubhubhane luyakwehlela kuwo, lolo uSimakade ashaya ngalo izizwe ezingakhuphukanga ukuyogubha uMkhosi Wamadokodo. 19Lokho kuyakuba yisijesizo sesono saseGibhithe nesijeziso sezizwe ezingakhuphukanga ukuyogubha uMkhosi Wamadokodo.
20Ngalolo lusuku kuyakulotshwa ezinsimbini zamahhashi ukuthi: “Kwehlukaniselwe uSimakade,” amabhodwe asendlini kaSimakade ayakuba njengemicengezi phambi kwe-althare. 21Wonke amabhodwe aseJerusalema nakwaJuda ayakwehlukaniselwa uSimakade Wamabandla. Bonke abahlabayo bayakufika, bathathe amanye, bayopheka ngawo. Ngalolo lusuku akuyukuba khona futhi othengisayo endlini kaSimakade Wamabandla.

Okuqokiwe okwamanje:

UZakhariya 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume