KuThithu 3:1-3

KuThithu 3:1-3 ZUL20

Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle; bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu. Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.