KuThithu 2

2
Imfundiso Elungileyo Ebandleni
1 Kepha wena khuluma ngalokho okufanele imfundiso elungileyo, 2 ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni. 3 Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle, 4ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo, 5 babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.
6Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo. 7 Zibonakalise kukho konke lokhu uyisibonelo semisebenzi emihle, ubonise ubuqotho ekufundiseni nesizotha, 8 ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.
9 Ngokunjalo ziyale izinceku ukuba zibathobele ezibasebenzelayo, zibathokozise kukho konke, zingaqagulisani nabo, 10 zingantshontshi, zikhombise konke ukukholwa okuhle, ukuze ivunuliswe ngobuhle imfundiso kaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
11 Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; 12 uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, ngokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, 13 silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu, 14 owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
15 Khuluma ngalokho, ugqugquzele, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabi bikho namunye okwedelelayo.

Okuqokiwe okwamanje:

KuThithu 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume