URuthi 1:16-18

URuthi 1:16-18 ZUL20

URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.” UNawomi wabona ukuthi uzimisele ukuhamba naye, akabe esaqhubeka nokukhuluma.

Funda URuthi 1