Ngokuba indalo yabekwa phansi kobuze, kungengentando yayo, kodwa ngentando yowayibekayo, ngethemba lokuthi, nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu.
Ngokuba siyazi ukuthi yonke indalo iyabubula kanyekanye, inezinseka ezinzima kuze kube manje. Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi. Kepha Yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba unxusela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe. Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi; labo abamisile ngaphambilini, ubabizile futhi; labo ababizile, ubalungisisile futhi; labo abalungisisile, ubakhazimulisile futhi.
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo. Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo. Pho ngubani ozakusehlukanisa nothando lukaKhristu na? Ngabe ukuhlupheka noma usizi; ukuhlushwa noma indlala ukuhamba ze noma ingozi, noma yinkemba na? Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke;
sifana nezimvu zokuhlatshwa.”
Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanoma yini enye edaliweyo; akuyukuba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKhristu uJesu, iNkosi yethu.