Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni, ukuze izimfanelo ezinhle ezifunwa ngumthetho zifezeke kithi, thina esingahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya. Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya. Ngokuba ukubeka ingqondo ezintweni zenyama kungukufa, kepha ukuyibeka ezintweni zikaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela, ngokuba abasabuswa yimvelo abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKhristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kodwa umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Funda KwabaseRoma 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 8:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo