Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; engikwenzayo akusikho lokhu engikuthandayo, kodwa lokho engikuzondayo, yikho kanye engikwenzayo. Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle. Kodwa manje akuseyimi engikwenzayo, kepha yisono esihlala kimi. Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi emzimbeni wami, akuhlali lutho oluhle, ngokuba ukuthanda ukwenza okulungileyo kukhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho. Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo, yikho kanye engikwenzayo. Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi. Ngalokho ngithola ukuthi kunomthetho kimi, okuthi uma ngifuna ukwenza okuhle, okubi kube nami shaqa, nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi. Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwayo nomthetho osengqondweni yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. Maye, kimi muntu wosizi! Ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na?
Funda KwabaseRoma 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 7:15-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo