KwabaseRoma 4:1-12

KwabaseRoma 4:1-12 ZUL20

Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abhrahama ukhokho wethu ngokwenyama na? Ngokuba uma u-Abhrahama walungisiswa ngemisebenzi, unokuzigabisa, kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Kanti umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye kwaba ngukulunga.” Kodwa kumuntu osebenzayo, umholo awutholayo awubalelwa kuye ngokomusa, kodwa njengemfanelo yakhe. Kepha kulowo ongasebenziyo, nokho ekholwa yilowo olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa kuye, kube ngukulunga. Njengalokhu noDavide ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi: “Babusisiwe abazeqo zabo zithethelelwe, nabazono zabo zisitshekelwe; ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono.” Ngakho-ke lokhu kubusiswa ngabe kuqondene nabasokileyo noma nabangasokile yini na? Ngokuba sithi: ukukholwa kwabalelwa ku-Abhrahama, kwaba ngukulunga. Kanti kwabalelwa kanjani na? Esesokile noma engakasoki na? Qha, akubanga esesokile, kodwa engakasoki. Wasemukela isibonakaliso sokusoka saba luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubo, futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kodwa nowalabo abahamba endleleni yokukholwa, ubaba u-Abhrahama ayenakho engakasoki.