Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi, ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko. Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. Balungisiswe ngesihle, ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKhristu uJesu, ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini, ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu. Ngakho-ke kuphi ukuzigabisa na? Akukho nhlobo. Ngenxa yamuphi umthetho na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa. Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa, ngaphandle kwemisebenzi yomthetho. Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi, njengalokhu emunye uNkulunkulu oyakulungisisa abasokileyo nabangasokile ngokukholwa. Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.
Funda KwabaseRoma 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 3:21-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo