KwabaseRoma 3:10-20

KwabaseRoma 3:10-20 ZUL20

njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akekho olungileyo, akekho noyedwa; akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduka into engenamsebenzi walutho; akekho namunye owenza okuhle, akukho noyedwa vo. Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo, bayakhohlisa ngezilimi zabo, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele iziqalekiso nobuthi; izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, abayazi indlela yokuthula. Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu. Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 3:10-20