KwabaseRoma 3:10-20

KwabaseRoma 3:10-20 ZUL59

njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akakho olungileyo, akakho noyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba; izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, indlela yokuthula abayazi. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu, ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 3:10-20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo