KwabaseRoma 12:10-21

KwabaseRoma 12:10-21 ZUL20

Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni, ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi, nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi. Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi. Kepha-ke: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho, uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.” Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.