Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini, lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho. Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu, noma uthi: ‘Ngubani ozakwehlela endaweni yabafileyo na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKhristu kwabafileyo. Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa. Umbhalo uthi: “Bonke abakholwa kuye abayukujabhiswa.”
Funda KwabaseRoma 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 10:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo