ISambulo 7

7
Izinceku ZikaNkulunkulu Zibekwa Uphawu
1 Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla. 2Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa amandla okuba ziwone umhlaba nolwandle, 3 yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.”
4 Ngase ngizwa ukuthi inani lababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli babeyizi-144 000:
5esizwaneni sakwaJuda babeyizi-12 000 ababekwa uphawu,
6esizwaneni sakwa-Asheri beyizi-12 000,
esizwaneni sakwaNafethali beyizi-12 000,
esizwaneni sakwaManase beyizi-12 000,
7esizwaneni sakwaSimeyoni beyizi-12 000,
esizwaneni sakwaLevi beyizi-12 000,
esizwaneni sakwa-Isakhare beyizi-12 000,
8esizwaneni sakwaZabuloni beyizi-12 000,
esizwaneni sakwaJosefa beyizi-12 000,
esizwaneni sakwaBhenjamini beyizi-12 000.
Isixuku Esikhulu Esivela Ezizweni
9 Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla. 10 Samemeza ngezwi elikhulu, sathi:
“Insindiso ingekaNkulunkulu wethu
ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu!”
11 Izingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi, amalunga, nezidalwa ezine zawa zathi mbo phansi ngobuso, phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zithi:
12 “Amen! Udumo, nenkazimulo,
nokuhlakanipha, nokubongwa,
nokuhlonishwa, namandla,
nokunqoba kungokukaNkulunkulu wethu
kuze kube phakade naphakade.
Amen!”
13 Elinye lamalunga laphendula, lathi kimi: “Bangobani laba abembethe izingubo ezimhlophe, futhi bavelaphi na?”
14 Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.”
Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu. 15 Ngakho-ke bami phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, bamkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nalowo ohleli esihlalweni sobukhosi uyakwendlala ithabanakeli phezu kwabo. 16 Kabasalambi, kabasomi, kabasashiswa yilanga, nanoma ngabe luhlobo luni lokushisa, 17 ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume