Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.” Kwakuthi lapho izidalwa zimdumisa zimbonga ohleli esihlalweni sobukhosi, Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi: “Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”
Funda ISambulo 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: ISambulo 4:8-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo