ISambulo 3:17-18

ISambulo 3:17-18 ZUL20

Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze. Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.