ISambulo 22

22
IJerusalema Elisha
1 Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. 2 Phakathi komgwaqo wawo nomfula kuleli cala, ngakwelinye kukhona umuthi wokuphila, owawuthela izithelo ezili-12, izithelo zawo uzithela nyanga zonke, amacembe omuthi angawokuphilisa izizwe. 3 Akusayukuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza, 4 zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo. 5 Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.
Iqiniso Lombono
6 Wayesethi kimi: “Lawa mazwi athembikile, futhi aliqiniso, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaphrofethi iyithumele ingelosi yayo ukuzokhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka ngokuphazima kweso.”
Ukubuya KukaJesu
7 “Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiphrofetho sale ncwadi.”
8Mina Johane nginguye owezwa, nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, ngabona, ngathi mbo phansi ngobuso ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombise lezo zinto.
9 Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”
10 Yathi kimi: “Amazwi esiphrofetho sale ncwadi ungawavali ngophawu, ngokuba isikhathi siseduze. 11 Ongalungile makaqhubeke enze kanjalo okungalungile, ongcolileyo makazingcolise njalo, kodwa olungileyo makenze njalo ukulunga, kuthi nongcwele azingcwelise njalo.”
12 “Qaphelani, ngiyeza ngokushesha, ngiphethe umvuzo wami ukuba nginike yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe. 13 Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho.
14 “Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango. 15 Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.
16 “Mina Jesu, ngiyithumile ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nowolibo lukaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”
17 UMoya nomakoti bathi: “Woza!”
Nozwayo makathi: “Woza!”
Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.
Isiphetho
18 Ngiyafakaza kubo bonke abezwa amazwi esiphrofetho sale ncwadi. Uma kukhona owenezela kuwo, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupheko ezilotshwe kule ncwadi. 19 Uma futhi ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siphrofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, emzini ongcwele, nakulokhu okulotshwe kule ncwadi.
20 Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”
Amen. Woza, Nkosi uJesu!
21Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke.

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 22: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume