Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, esandleni sayo iphethe isihluthulelo sakwalasha neketango elikhulu esandleni sayo. Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa kwalasha, yamvalela phakathi, yavala ngci ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Emva kwalokho kumele ukuba akhululwe okwesikhashana.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane. Abafileyo ababesele abavukanga, kwaze kwaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. Ubusisiwe, futhi ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala. Kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kodwa bayakuba ngabaphristi bakaNkulunkulu nabakaKhristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
Kuyakuthi lapho isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane akhululwe ejele akulo, uyakuphuma ayodukisa izizwe emagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, uyakuziqoqa ukuba ziyokulwa. Ziyakuba ngangezihlabathi zolwandle. Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda. USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.