ISambulo 16:1-21

ISambulo 16:1-21 ZUL20

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.” Yahamba eyokuqala, yathululela isitsha sayo emhlabeni, kwavela isilonda esibi nobubi kubantu abanophawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle, lwase luphenduka igazi elinjengelofileyo, kwafa konke okuphilayo olwandle. Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuphenduka igazi. Ngezwa ingelosi yamanzi, ithi: “Ulungile Wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba nguwe owakunquma lokho, ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.” Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.” Ingelosi yesine yathululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo. Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu. Kepha bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu nezilonda zabo, kodwa abaphendukanga emisebenzini yabo. Eyesithupha yasithululela isitsha sayo emfuleni omkhulu iYufrathe, kwase kusha amanzi kuwo, ukuze kulungiswe indlela yamakhosi avela empumalanga. Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa; babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla. Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe. Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni. Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni, kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi lithi: “Sekwenzekile!” Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni. Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo. Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyanwanga. Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo