ISambulo 15:1-4

ISambulo 15:1-4 ZUL20

Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupheko eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba ngazo kwase kupheleliswa ulaka lukaNkulunkulu. Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nalabo abanqobe isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngasolwandle lwengilazi, bephethe amahabhu kaNkulunkulu. Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe. Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo