ISambulo 10

10
Ingelosi Enencwadi Evulekileyo
1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo, 2iphethe esandleni sayo incwadi encane evuliweyo. Yayisibeka unyawo lwayo lwesokunene phezu kolwandle, kwathi olwesokhohlo yalubeka phezu kwezwe, 3yamemeza ngezwi elikhulu elinjengokubhodla kwengonyama, lapho imemeza, imidumo eyisikhombisa yakhuluma ngamaphimbo ayo. 4 Seyikhulumile imidumo eyisikhombisa, ngase ngizobhala, kodwa ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Sicilela ngophawu olukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakubhali.”
5 Ingelosi engayibona ime phezu kolwandle naphezu komhlabathi, yaphakamisa isandla sayo sokunene yasibhekisa ezulwini, 6 yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka. 7 Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”
8 Izwi engalizwa livela ezulwini laphinda futhi lakhulma nami, lathi: “Hamba uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlaba.”
9Ngaya-ke engelosini; ngayitshela ukuba inginike incwadi encane. Yathi kimi: “Yithathe, uyidle; izakubaba esiswini sakho, kodwa emlonyeni wakho izakuba mnandi njengoju.”
10Ngayithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla. Yayimnandi njengoju emlonyeni wami, nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami. 11 Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume