Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho. Nkosi Nkulunkulu wami, ngikubonga ngenhliziyo yami yonke, igama lakho ngilidumise kuze kube phakade, ngokuba umusa wakho phezu kwami mkhulu, ukhulule umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi. Nkulunkulu, izedeleli zingivukele, isigejana sezixhwanguxhwangu sizingele umphefumulo wami, sangaba nandaba nawe. Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka. Phendukela ngakimi, ube nomusa kimi, inceku yakho yiphe amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho. Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.
Funda AMahubo 86
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 86:11-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo