AMahubo 75

75
UNkulunkulu Wehlulela Ngokulunga
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: ungachithi. Ihubo lika-Asafa. Ihubo
1Siyakubonga Nkulunkulu, siyabonga;
igama lakho liseduze,
balanda ngezimangaliso zakho.
2Wena uthi:
“Uma ngiqoka isikhathi esimisiweyo,
yiMina engehlulela ngokulunga.
3Umhlaba uyancibilika
nabo bonke abakhe kuwo;
Mina ngizimisile izinsika zawo.” Sela
4Ngithe kwabazidlayo:
“Ningazidli,”
nakwababi:
“Ningaziphakamisi.
5Ningazikhukhumezi;
ningakhulumi ngokwedelela nokuqhosha.”
6Ngokuba ukuphakanyiswa
akuveli empumalanga, entshonalanga
nasehlane ezintabeni,
7kodwa uNkulunkulu ungumehluleli;
omunye uyamehlisa,
omunye amphakamise.
8Esandleni seNkosi kukhona isitsha,
iwayini liyakhephuzela,
sigcwele iwayini eliqungiweyo;
yiyona elithunga ngaso.
Bonke ababi abasemhlabeni
impela boyimunca inhlese yalo, bayiphuze.
9Kepha mina ngiyakumemezela ngakho
kuze kube phakade,
ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
10Wonke amandla ezikhohlakali ngiyowaqeda nya,
kodwa ngiwandise awabalungileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 75: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume