Makavuke uNkulunkulu,
izitha zakhe zihlakazeke,
labo abamzondayo babaleke phambi kwakhe.
Njengokuphephuka komusi,
nokuncibilika kwengcina phambi komlilo,
bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.
Kepha abalungileyo mabajabule,
bethabe phambi kukaNkulunkulu,
bathokoze nokuthokoza.
Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe,
lowo ogibela amafu, nimenzele indlela,
igama lakhe nguSimakade,
yethabani phambi kwakhe.
UnguYise wezinkedama,
nomvikeli wabafelokazi;
unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.
UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini,
akhulule iziboshwa bese zinethezeka,
abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.
Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho
phambi kwabantu bakho,
ekudabuleni kwakho ihlane,
umhlaba wazamazama,
izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,
neSinayi yazamazama phambi kukaNkulunkulu,
uNkulunkulu ka-Israyeli.
Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;
ifa lakho selehlulekile, waliqinisa.
Ibandla lakho lakha kulo, ngobuhle bakho,
wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.
INkosi ikhiphe izwi,
isixuku esikhulu sabesifazane sabika
indaba ejabulisayo.
Amakhosi ahola izimpi acela empunzini,
athi galo yephuka.
Abesifazane abasekhaya babelana impango,
noma belala ezibuyeni,
kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva,
izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.
Ngesikhathi uSomandla ehlakaza amakhosi lapho,
kwakhithika iqhwa eZalimoni.
Intaba kaNkulunkulu yintaba iBhashani;
intaba eneziqongo.
Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka,
niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu
athanda ukuhlala kuyo na?
Yebo, uSimakade uzohlala kuyo
kuze kube phakade.
Izinqola zempi zikaNkulunkulu ezinamandla
eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,
izinkulungwane ngezinkulungwane
iNkosi iphakathi kwazo,
iSinayi isendaweni engcwele.
Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo,
wapha abantu izipho,
nakulabo abebehlubukile,
ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.
Mayibongwe iNkosi esithwalela imithwalo yethu
imihla ngemihla,
uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela
UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu okhululayo,
ukukhulula ekufeni kungokukaSimakade, iNkosi.
Kepha uNkulunkulu uzophohloza
amakhanda ezitha zakhe,
ukhakhayi lwalowo onesihluthu
ohamba ezindleleni zokona kwakhe.
INkosi yathi:
“Ngizobabuyisa bevela eBhashani,
ngibabuyise bevela ekujuleni kolwandle,
ukuze ugeze izinyawo zakho egazini,
nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.”
Nkulunkulu, abantu bayibonile inhlabaluhide
iya endlini engcwele,
izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami.
Phambili kuhamba abahlabeleli,
emuva abashaya ugubhu,
phakathi yizintombi ezishaya izigubhu.
Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu;
Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli.
Nango uBhenjamini ongomncinyane
kubo bonke, uyababusa,
izikhulu zakwaJuda zingumzimba,
nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.
UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho,
qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona.
Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema,
amakhosi ayokulethela izipho.
Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni,
imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe,
ukuze beze bakukhothamele bonke,
bethule kuwe izinhlamvu zesiliva,
uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa.
Izikhulu ziyakuvela eGibhithe,
amaKhushe ayakwelulela ngokushesha
izandla zawo kuNkulunkulu.
Nina mibuso yomhlaba, mhubeleni uNkulunkulu,
nidumise iNkosi,
yona ekhwela phezu
kwamazulu aphezulu asendulo,
iyezwakalisa izwi layo,
izwi elinamandla.
Nikani uNkulunkulu amandla,
ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli,
amandla akhe asemafini.
Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele,
uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha
amandla nezikhwepha.
Makadunyiswe uNkulunkulu.