AMahubo 66

66
Ukubonga Nokudumisa UNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo
1Mhlaba wonke, hubelani
uNkulunkulu ngentokozo.
2Hubelani udumo lwegama lakhe,
nimnike udumo nimbonga.
3Yishoni kuNkulunkulu, nithi:
“Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho!
Ngenxa yobukhulu bamandla akho,
izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.
4Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise,
bahubele igama lakho.” Sela
5Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni,
akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.
6Ulwandle uluphendule umhlaba owomileyo;
bawela umfula behamba ngezinyawo;
sathokoza kuye lapho.
7Ubusa ngamandla akhe
kuze kube phakade.
Amehlo akhe aqaphe izizwe,
abanenkani bangaziphakamisi.
8Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,
nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe,
9olonda ukuphila kwethu,
ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.
10Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile,
wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.
11Usiphonse enethini,
wasethwesa umthwalo onzima.
12Abantu wabavumela
ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu.
Sadabula emlilweni nasemanzini,
kodwa wasikhiphela endaweni ebanzi.
13Ngizongena endlini yakho
neminikelo yokushiswa,
ngizifeze izifungo engazenza kuwe,
14lezo engazikhipha ngezindebe zomlomo,
ngazisho ngomlomo wami ngisekuhluphekeni.
15Ngizonikela kuwe ngeminikelo yokushiswa yezikhuluphalisiweyo,
nomusi womhlatshelo wezinqama;
ngenze umnikelo ngezinkunzi nezimbuzi.
16We nina nonke enesaba uNkulunkulu,
wozani nilalele,
nginilandise ngalokho angenzele khona.
17Ngakhala kuye, nginxusa,
ukudumisa kwakusolimini lwami.
18Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,
ibingayukungizwa iNkosi.
19Impela uNkulunkulu uzwile,
waqaphela izwi lomkhuleko wami.
20Makabongwe uNkulunkulu ongawenqabanga umkhuleko wami,
noma wasisusa isihawu sakhe kimi.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 66: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo