AMahubo 57
57
Umkhuleko Wocela Ukuvikelwa Ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla ebalekela uSawule emphandwini
1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele.
Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe.
Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho,
zize zedlule izinhlekelele.
2Ngizokhala kuNkulunkulu oPhezukonke,
kuNkulunkulu ongiphindiselelayo.
3Uzothumela esezulwini, angisindise.
Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela
UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe
neqiniso lakhe.
4Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi,
ngilele phakathi kwabakhafula umlilo,
ngisho nabantwana babantu,
abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo,
abalulimi luyinkemba ebukhali.
5Phakama, Nkulunkulu phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe phezu
komhlaba wonke.
6Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe,
umphefumulo wami udangele,
bangimbele umgodi,
kwakhalakathela bona kuwo. Sela
7Inhliziyo yami yethabile, Nkulunkulu,
inhliziyo yami igxilile.
Ngizohlabelela, ngihube.
8Vuka mphefumulo wami,
vukani lugubhu nehabhu!
Ngizovusa intathakusa.
9Nkosi ngizokubonga phakathi kwabantu,
ngikuhashe phakathi kwezizwe.
10Ngokuba umusa wakho
mkhulu, kuze kube sezulwini,
nokwethembeka kwakho,
kuze kube semafini.
11Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe phezu
komhlaba wonke.
Okuqokiwe okwamanje:
AMahubo 57: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.