AMahubo 52

52
Ukuziqhayisa Kwesiqhwaga Nomusa KaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. IMaskili likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki”
1We siqhwaga,
uziqhayiselani ngokubi na?
Umusa kaNkulunkulu
umi njalo.
2Ulimi lwakho luhlale
lusongoza amacebo amabi,
njengensingo ebukhali,
wena menzi wobubi,
3uthanda okubi
kunokuhle,
amanga kunokulungileyo. Sela
4Wena lulimi lwenkohliso,
uthanda onke amazwi
abhubhisayo.
5Kepha uNkulunkulu
uzokuqumba phansi
kuze kube phakade;
uzokubamba,
akukhiphe ethendeni lakho,
akusiphule nasezweni
labaphilayo. Sela
6Abalungileyo
bayokubona lokho,
besabe;
bakuhleke, bathi:
7“Bheka, nasi isiqhwaga
esingazange simenze uNkulunkulu
abe yinqaba yaso,
kodwa sethembela ebuningini
bomcebo waso,
sabambelela kakhulu
ebubini baso.”
8Kepha mina ngifana nesihlahla
somhlwathi esiluhlaza,
endlini kaNkulunkulu.
Ngethembele emseni kaNkulunkulu
kuze kube phakade.
9Ngizokudumisa kuze kube phakade,
ngokuba ukwenzile lokho.
Ngizolindela igama lakho,
ngokuba lihle phambi
kwabathembekile bakho.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 52: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume