AMahubo 50:7-12

AMahubo 50:7-12 ZUL20

“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo. Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho, ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni. Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.