Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile. Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na? Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho, ngize ngifike e-althare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu oyinjabulo yami nokwethaba kwami; ngikudumise ngokhehlegume, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami. Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Funda AMahubo 43
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 43:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo