AmaHubo 43:1-5

AmaHubo 43:1-5 ZUL59

Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga. Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami; ungilahleleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na? Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho, kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho, ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami. Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo