AMahubo 42:1-11

AMahubo 42:1-11 ZUL20

Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu. Umphefumulo wami womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo, ngiyakufika nini ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na? Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?” Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi. Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe. Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele ngaphakathi kimi; ngizokukhumbula eJordani naseHermoni nasentabeni iMizari. Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami. Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami. Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?” Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?” Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.

Verse Image for AMahubo 42:1-11

AMahubo 42:1-11 - Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,
kanjalo umphefumulo wami
ulangazelela Wena Nkulunkulu.
Umphefumulo wami womele uNkulunkulu,
uNkulunkulu ophilayo,
ngiyakufika nini ngibonakale phambi
kukaNkulunkulu na?
Izinyembezi zami zingukudla kwami
imini nobusuku,
ngokuba usuku lonke bathi kimi:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

Ngiyakukhumbula lokhu,
ngithulule umphefumulo wami
phakathi kwami,
njengalokhu ngangihamba esixukwini
ngiya naso endlini kaNkulunkulu
ngenhlokomo yokwethaba nokubonga,
ibandla ligubha umkhosi.
Mphefumulo wami, kungani udangele,
uyaluza ngaphakathi kimi na?
Themba uNkulunkulu,
ngokuba ngisazomdumisa
ngokusindisa kobukhona bakhe.
Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele
ngaphakathi kimi;
ngizokukhumbula eJordani naseHermoni
nasentabeni iMizari.
Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho,
utwa luyenanelana,
wonke amadlambi namaza akho,
kudlange kwangaphezu kwami.

Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe,
ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,
ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.
Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami:

“Ungikhohlweleni na?
Ngihambelani ngilila,
ngicindezelwe yisitha na?”

Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami,
nxa izitha zami zingiklolodela,
zithi kimi usuku lonke:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

Mphefumulo wami, kungani udangele,
uyaluza ngaphakathi kwami na?
Themba uNkulunkulu,
ngokuba ngisazomdumisa
ngokusindisa kobukhona bakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 42:1-11