AMahubo 37:1-7

AMahubo 37:1-7 ZUL20

Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino. Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo. Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini. Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.