AMahubo 34:4-8

AMahubo 34:4-8 ZUL20

Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo. Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.