AMahubo 30:1-3

AMahubo 30:1-3 ZUL20

Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami. Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa. Simakade ukhulule umoya wami endaweni yabafileyo, wangigcina ngiphilile, angaze ngashona egodini.