Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo. U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo. Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu, ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso. Abathembekileyo mabathokoze ngokunqoba, mabahlabelele ngentokozo.
Funda AMahubo 149
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 149:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo