AMahubo 143:1-6

AMahubo 143:1-6 ZUL20

Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe yakho ekunxuseni kwami. ungiphendule ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho. Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho. Isitha sizingela umphefumulo wami, impilo yami siyigandaya emhlabathini, singenze ngahlala ebumnyameni njengalabo abafa kudala. Umoya wami udikibele, inhliziyo yami idangele. Ngiyazikhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho. Izandla zami ngizelulela kuwe, umphefumulo wami womela Wena njengomhlaba owomileyo. Sela