AMahubo 129:1-8

AMahubo 129:1-8 ZUL20

Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli. Bangihlupha kakhulu, kodwa abangehlulanga. Kwaphambana imivimbo emhlane wami, kwangathi yimisele edatshulwe ngabalimi ensimini. USimakade ulungile, uzinqumile izintambo zezikhohlakali. Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni. Mabafane notshani ophahleni, obubuna bungakakhuli. Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe, nobopha izinyanda, izingalo zakhe. Abadlulayo mabathi