AmaHubo 129:1-8
AmaHubo 129:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli. Bangihlupha kakhulu, kodwa abangehlulanga. Kwaphambana imivimbo emhlane wami, kwangathi yimisele edatshulwe ngabalimi ensimini. USimakade ulungile, uzinqumile izintambo zezikhohlakali. Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni. Mabafane notshani ophahleni, obubuna bungakakhuli. Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe, nobopha izinyanda, izingalo zakhe. Abadlulayo mabathi
AmaHubo 129:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli. Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga. Abalimi balima emhlane wami, benza ibe mide imisele yabo. UJehova ulungile; unqumile izintambo zababi. Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni. Mababe njengotshani ophahleni, obubuna bungakakhuli. Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe, nobopha izinyanda izingalo zakhe. Abadlulayo abasho ukuthi: “Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.”
AmaHubo 129:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo leziqu. Bangicindezela kaningi kwasebusheni bami, kepha abazange banginqobe. Amageja alima emhlane wami, enza imisele yawo ibe mide. UJehova ulungile, uziphulile izintambo zababi. Mabajabhe bonke abalizondayo iZiyoni, babuye. Mababe njengotshani ophahleni olubuna lungakakhuli; Umvuni angasigcwalisi isandla sakhe ngakho; nobophayo akadabuli isifuba sakhe. Abadlulayo bangasho ukuthi: Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyakubusisa egameni likaJehova.