AMahubo 125
125
USimakade Uzungeze Abantu Bakhe
Ihubo lokukhuphuka
1Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni
engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
2Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema,
noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe
kusukela manje
kuze kube phakade.
3Ngokuba intonga yezikhohlakali
ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo,
funa abalungileyo
benze okungalungile ngezandla zabo.
4Simakade, benzele okuhle abalungileyo
nabaqotho ezinhliziyweni zabo,
5kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo,
uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi.
Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.
Okuqokiwe okwamanje:
AMahubo 125: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.